Seziqalile izibalo ngekusasa leBafana Bafana kwiNdebe yoMhlaba

Libukeka liphela kancane ikusasa leBafana Bafana ngeNdebe yoMhlaba ngemuva kokudlala kwabo ngokulingana neZimbabwe, eMoses Mabhida Stadium, namuhla.

Lokhu kwenze iBafana Bafana yahlala endaweni yesibili kuGroup C kanti iBenin iyona eqwakele njengamanje ngamaphuzu angu-17 kanti ezikaBroos zona zinamaphuzu angu-15.

OLUNYE UDABA: Uvalo iBafana Bafana iphucwa amaphuzu amathathu

IBafana Bafana idinga ukuthi ishaye iRwanda ngoLwesibili mase kuthi iNigeria ishaye iBenin ukuze iBafana ikwazi ukuthi ibesethubeni lokuya kwiNdebe yoMhlaba.

Okunye ezikaBroos kudingeka zishaye amagoli amaningani ukuze ziwele kalula kwiNdebe yoMhlaba.