
Lihlehliselwe isonto elizayo icala lokubulala elibhekene nendoda yaseLimpopo esolwa ngokubulala unina oneminyaka engu-87 ubudala maqede yamqoba wabayizicucu, isidumbu yasifaka emabhakedeni.
ULesiba David Ledwaba, oneminyaka engu-40 ubudala uvele kafushane eNkantolo yeMantshi yaseSeshego ngoMsombuluko kulandela ukubulawa ngesihluku kukanina, uRaisibe Ledwaba, esigodini saseSebora, entshonalanga nePolokwane, nokushiye izakhamuzi zibambe ongezansi.
ULedwaba uboshwe ngamaphoyisa aseMashashane ngemuva kokuthi abantu basesigodini beba nezinsolo ngesikhathi sekuphele izinsuku ezintathu bengamboni unina.
OLUNYE UDABA: Uboshwe eGauteng obefunelwa izinsolo zokubulala intombi nonina
Ngesikhathi amaphoyisa ephenya endaweni yesigameko, athola isaha nembazo enegazi.
ULedwaba ogcinwe esitokisini utshele imantshi ukuthi ubengamdingi ummeli kodwa wabuye washintsha ngemuva kokuchazelwa ubucayi becala.
Uvumile ukuthi uzomelwa ummeli wesihe uma esebuyela enkantolo ngomhlaka-9 July lapho ezofaka khona isicelo sebheyili.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
