
UMnyango wezokuThutha KwaZulu-Natal uthi ukubambezeleka kwezimoto ku-N3 ekuqaleni kwempelasonto yePhasika kungenxa yezingozi nokuhluleka kwemishini okubandakanya amaloli.
Kube nokutheleka kwabantu abaningi abafikayo eKZN kule mpelasonto ende.
I-N3 toll concession ibika ngezimoto ezibalelwa kwezingu-1000 ezikhokhayo kusukela ekuseni kakhulu namuhla.
OLUNYE UDABA: Umbiko wePhasika: Izikhulu zomgwaqo eKZN zinxusa ukuthi kuqikelelwe emigwaqeni
Kodwa-ke, izingozi ezimbili ezibandakanya amaloli eduze kwaseTown Hill phakathi kwamabili zidale ukubambezeleka okukhulu.
UNdabezinhle Sibiya okhulumela i-KZN Transport, uthe sebebambe umhlangano nezinhlaka ezibalulekile okubalwa kuzo i-SA Freight Association mayelana nalezi zingozi.
“Kuvunyelwene ngokuthi kuzomele kuqhubetshekwe nemizamo yokususa noma ngabe yiliphi iloli emgwaqeni ikakhulukazi lawo asuke engasebenzi kahle nalawo abandakanyeka ezingozini.
“Ngaphambilini sike saba nesiminyaminya emgwaqeni wethu ngenxa yamaloli avele ahlale isikhathi eside emgwaqeni yethu kanti lokhu sekudale umonakalo omkhulu kubashayeli, izivakashi nakulesi sikhathi sokukhonza uJesu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
