Umbiko wePhasika: Izikhulu zomgwaqo eKZN zinxusa ukuthi kuqikelelwe emigwaqeni

Izikhulu zomgwaqo KwaZulu-Natal zixwayisa abashayeli bezimoto ukuthi babekezele baphinde baqikelele njengoba izinkulungwane zabantu zisaqhubeka nokwehla kulesi sifundazwe ngempelasonto yePhasika.

Izikhulu zithi zilindele ukuthi imigwaqo emikhulu enjengo no-N3 no-N2 ibe nesibalo esiphezulu sezimoto.

OLUNYE UDABA:

Kuqoshwe isbalo sezimoto ezibalelwa kwinkulungwane ngehora zingena ngoLwesine KwaZulu-Natal.

Izikhulu zithe lokhu kungenzeka kuqhubeke namuhla ekuseni.

Abomthetho bathembise ukuthi bazoba semgwaqeni ukuze bekwazi ukubona noma yikuphi ukwephulwa komthetho emgwaqeni kule mpelasonto ende.

Izikhulu zomgwaqo zibambe isivimbamgwaqo esikhulu eMarianhill Toll Plaza ngoLwesine, lapho kuboshwe khona abantu ababili, oyedwa wabo ubandakanyeka ezinsolweni zemoto okusolakala ukuthi yebiwe.

I-Newswatch ibikhona futhi ikhulume nabanye abashayeli abafikayo  esifundazweni.

“Sizoya eMhlanga Rocks, siye nasolwandle lwaseThekwini. Sizobe sihamba sibuka yonke indawo,” kusho umshayeli wezimoto.

“Sizochitha isikhathi olwandle nomndeni njengoba umfowethu nodadewethu abasuka eKapa naseGoli,” kusho omunye umshayeli.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

One thought on “Umbiko wePhasika: Izikhulu zomgwaqo eKZN zinxusa ukuthi kuqikelelwe emigwaqeni

  1. **mitolyn reviews**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *