
UMnyango wezeMfundo KwaZulu Natal udumele kulandela isigameko sokucekelwa phansi kwesikole iMpolweni Secondary esiseMgungundlovu District lapho kushiswe ingxenye yesikole kwagqekezwa emakilasini ambalwa namahhovisi.
Naphezu komonakalo, ihholo lesikole alizange lithinteke, kanti abafundi bakamatikuletsheni bazoqhubeka nokubhala izivivinyo zabo ze-National Senior Certificate njengoba kuhleliwe.
UNgqongqoshe ukuqinisekisile ukuthi akukho senzo sobugebengu esizophazamisa ukuzibophezela kwesifundazwe ekuqinisekiseni ukuthi izivivinyo ziyaqhubeka ngaphandle kokuphazamiseka.
OLUNYE UDABA: Kugwazwe 5 wabafundi esigamekweni okusolwa ukucwasa ngokwebala esikoleni eKZN
UNgqongqoshe ukuqinisekisile ukuthi izinhlaka zomthetho zinikezwe umsebenzi wokubeka phambili uphenyo, futhi abenzi bobubi bazobhekana nemiphumela emibi, okuhlanganisa ukushushiswa kobugebengu kanye nezimangalo zomphakathi zomonakalo.
Uqhubeke waxwayisa ngokuthi uMnyango uzoqinisa izinyathelo zokuphepha ezikoleni futhi wandise ukubambisana ne-SAPS kanye ne-Community Policing Forums ukuqinisekisa ukuthi izikole zivikelwe ezicini zobugebengu.
UNgqongqoshe uHlomuka uphinde wanxusa abazali, abaholi bomphakathi, abaholi bendabuko kanye nezakhamuzi ukuba bathathe isinyathelo esiqinile ngokumelene nalabo abacekela phansi izikole, baphinde badalula abantu ababandakanyeka ebugebengwini obuhlose ukucekela phansi ingqalasizinda yezemfundo.
“Imiphakathi kumele iyeke ukuvikela izigebengu. Uma umazi umenzi wokubi kodwa uvale umlomo ungasho, nawe uyefana nomenzi wokubi ngokubhidliza ikusasa lezingane,” kusho uNgqongqoshe wezeMfundo eKZN uSipho Hlomika.
