
Lihlehlele umhlaka-13 January 2026 icala elibhekene namadoda amabili abonakala kwi-video yekhamera yeCCTV yasendaweni yokucima ukoma lapho ebhaxabula owesifazane kanzima.
La madoda avele ngoLwesibili eNkantolo yeMantshi yaseMgungundlovu.
ULinda Bethwell Khumalo oneminyaka engu-42 ubudala noSiphesihle Michael Ngidi oneminyaka engu-46 ubudala bazinikela emaphoyiseni asePlessislaer ngeSonto behambisana nommeli wabo u-Advocate Hlanganani Dlomo.
Kuzwakale ukuthi uKhumalo usewake wadonsa iminyaka eyishumi ejele ngelokuphanga ngo-2015 kanti uNgidi yena akaze aboshwe.
Imibiko yangaphambilini ibithi isigameko senzeka ngomhlaka-28 December, kodwa ngokusho kwamabhuku asenkantolo, senzeka ngoSuku lukaKhisimusi.
OLUNYE UDABA: Asenkantolo amadoda amabili abonakala kwi-video ehlanganyela owesifazane ngoKhisimusi ePMB
Kusolwa ukuthi owesifazane oneminyaka engu-41 ubudala washaywa ngento eqinile ekhanda, wakhahlelwa, eshaywa nangezibhakela ezimbanjeni, eshaywa ngenhloso yokumkhipha umphefumulo, kufundeka amabhuku asenkantolo.
UMbuso ufake isicelo sokuba laba bobabili bagcinwe esitokisini izinsuku eziyisikhombisa ukuze kuvunyelwe uphenyo lwebheyili, bephawula ukuthi lolu daba seluthole ukunakwa ezinkundleni zokuxhumana.
UDlomo usiphikisile isicelo egcizelela ngokuthi umseshi wahlinekwa ngayo yonke imininingwano, esho nokuthi wanikwa amanye amakheli aabasolwa futhi aqinisekisiwe. Ngalokho kunolwazi olwanele ukwethulwa phambi kwenkantolo.
