IMarch and March igxeka uhlelo lukaRamaphosa lokufuduka ngokungemthetho njengolungasebenzi

UMengameli uCyril Ramaphosa umemezele izinhlelo zokuthutha izikhungo zokwamukela ababaleki eduze kwezindawo zomngcele njengengxenye yomkhankaso omkhulu wokunqanda ukufuduka ngokungemthetho.

Abenhlangano iMarch and March bathi izinyathelo zikahulumeni ezihlongozwayo zokunqanda ukufuduka ngokungemthetho azikwazi ukubhekana nobukhulu bale nkinga.

Leli qembu lomphakathi likhuluma kanje kulandela inkulumo kaMengameli uCyril Ramaphosa yangeSonto ebusuku lapho ememezele khona izinhlelo zokuvimbela labo abangena eNingizimu Afrika ngokungemthetho.

Uthe lezi zinyathelo zifaka phakathi ukusondeza eduze nezindawo zemingcele izikhungo zokwamukela ababaleka emazweni abo.

Lesi sinyathelo silandela imibhikisho eminingana yokulwa nokufuduka ngokungemthetho ezweni lonke.

OLUNYE UDABA: IMarch and March ithi ikulungele ukuvala izwe

Umholi weMarch and March, uJacinta Ngobese-Zuma, ukholelwa wukuthi uMengameli udinga ukuphinde ayocabangisisa ngalolu daba.

“Angicabangi ukuthi umengameli watshelwa kahle. Angicabangi ukuthi wazinika isikhathi sokuya eMnyangweni wezaseKhaya, ukuya emingceleni, ukuyothola ubukhulu bomonakalo, ngoba izinkinga aziphakamisayo njengezixazululo azinakwenzeka. Ngingakutshela manje ukuthi ezinye zezinto, uma kungezona zonke azishilo, ngeke zisebenze.”

Khona manjalo, enkulumweni yakhe yangeSonto ayibhekise esizweni, uRamaphosa uthe abantu baseNingizimu Afrika banelungelo lokulindela okungcono kuhulumeni.

Wanezela ngokuthi iziphathimandla zithatha izinyathelo eziqinile zokubhekana nokwehluleka ohlelweni.

Newswatch