Kuzokwenyuka eyokugibela isitimela

Inkampani eyengamele izitimela I Passenger Rail Agency of South Africa (Prasa) isikhiphe isimemezelo sokwenyuka kwemali yokugibela kusukela ngomhlaka 1 December 2026.

Isitatimende eskhishwe I Prasa sithi okwamanje laba abathenga ithikithi lesonto noma lohambo olulodwa bona ngeke baze bathinteke, kodwa abantu abazothinteka ilaba abathenga ithikithi lenyanga njengoba lemali izokhuphuka ngenani eliphakathi kuka R35.00 kuya ku R 46.00

Ukwenyuka kwemali kwaphasiswa umnyango wezokuthutha kuzwelonke ngo 2025, kulandela izingxoxo zokubonisana nezinhlaka ezithintekayo okwaqedwa ngo 2023. Ingxenye okwakuvunyelwene ngayo ayibange isenzeka esikhathini esedlule nokwathi laba abathintekayo bazwakalisa ukukhathazeka ngokuhamba kancane kokuqalisa loluhle.I Prasa iphinde yenza ezinye izigcawu zokubonisana ngalokhu neziphethe ngo October 2026.

Ukwethula umthwalo emahlombe abagibeli I Prasa nezinhlaka ezithintekayo bavumelana ukuthi ukwenyuswa kwemali akwenziwe ngezigaba ngasinye onyakeni njengoba imali yamathikithi enyanga izoqala kusukela mhlaka 1 December 2026.