Sezingu-13 izingane zesikole ezishone engozini yemoto eVaal, eGauteng

UMnyango wezeMfundo eGauteng uthi isibalo sezingane zesikole ezishonile engozini esifundazweni sesifinyelele kwezingu-13.

NgoMsombuluko, imoto ethutha izingane zesikole ishayisane neloli eVanderbijlpark, eningizimu yeGoli.

“Sekushone omunye umfundi ngenxa yamanxeba amabi awathole engozini, osekubeke isibalo ku-13,” kusho umnyango esitatimendeni.

OLUNYE UDABA: Kushone izingane zesikole ezingu-11 kwalimala 5 engozini

Khona manjalo, uMengameli uCyril Ramaphosa udlulise amazwi enduduzo kubazali babafundi abashonile.
“UMengameli uRamaphosa uthi kubuhlungu kakhulu ukuthi lesi sigameko senzeke ngosuku iKhomishana yamaLungelo aBantu yaseNingizimu Afrika ishicilele ngalo ngombiko omayelana nokuthuthwa kwezingane zesikole eNorth West,” kusho okhulumela iHhovisi likaMongameli, uVincent Magwenya.

“Umengameli uyazwelana nemindenini, othisha, abafundi kanye nabangani bezisulu ezisencane.

“UMengameli uRamaphosa uthi iziphathimandla zikazwelonke nezesifundazwe zizohlinzeka imindeni kanye nezikole ngokusekelwa ngokwengqondo okudingekayo,” kusho uMagwenya.

UNdunankulu waseGauteng uPanyaza Lesufi ngoMsombuluko uzwakalise ukushaqeka nokudabuka ngemuva kwengozi esabisayo okushone kuyo abafundi abangu-13 abahamba ngemoto ethutha izizngane zesikole eVanderbijlpark, eVaal.

Abafundi abavela ezikoleni ezahlukene zamabanga aphansi naphezulu bebehamba ngemoto yohlobo lwe-Toyota Quantum namuhla ekuseni ngesikhathi imoto ishayisana neloli.

Newswatch