Akasekho emhlabeni umsunguli we-COPE

Akasekho emhlabeni umholi nomsunguli weCongress of the People (COPE) uMosiuoa “Terror” Lekota.

ULekota udlule emhlabeni esesibhedlela saseGoli namuhla ekuseni kanti ushone eneminhaka engu-77 ubudala.

Lokhu kuqinisekiswe yiqembu i-COPE, lengeza ngokuthi umndeni ucela ukuba wodwana kulesi sikhathi esinzima obhekene naso.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni owayengummeli kaMandela

Esitatimendeni iCOPE idlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaLekota kanye nabo bonke abantu baseNingizimu Afrika abathintekayo ngokudlula emhlabeni kukaLekota.

Ngo-Augaust wonyaka odlule, uLekota wahoxa kwezepolitiki ukuze anakekele impilo yakhe. Ngaleso sikhathi, iqembu lakuqinisekisa ukungabi muhle kwakhe empilweni, njengoba kade elwisana nesifo esingadalulwanga.