
UMnyango wezeMfundo KwaZulu-Natal usuqalise uphenyo ngokufakwa kwamakhamera eCCTV ngaphakathi emakilasini esikoleni saseThekwini.
Othisha esikoleni Umkhumbane Secondary School eChesterville bathathe isinqumo sokuduba umsebenzi bethi angeke basebenze kuze kuba ayasuwa la makhamera.
Kube sekuma ukufunda nokufundisa, isikhathi esiyizinsuku eziningi.
OLUNYE UDABA: Video: UNgqongqoshe ushayele ihlombe amaphoyisa ngokutholakala kwempahla eyebiwa esikoleni i-JE Ndlovu
UMnyango uthi othisha bathi akuzange kuxoxiswane nabo ngaphambi kokuthathwa kwesinqumo sokufakwa kwamakhamera.
“ Inhloko yomnyango ibhalele ibhodi elingamela isikole nothishanhloko ebayala ukuba basuse amakhamera futhi baqale kabusha inqubo yokuwafaka.
“Lokhu kuzophinde kuzohlanganisa ukuxoxisana nothisha ukuze uma esekhona amakhamera noma ngabe akuphi, kuzoba khona umuzwa wokusebenzisana njengeqembu,” kusho okhulumela uMnyango wezeMfundo Wezemfundo e-KZN uMuzi Mahlambi.
