Isezikhindini indoda etholwe netshe lemali emabhokisini ezicathulo eKZN

Amaphoyisa abophe indoda eneminyaka engu-42 ubudala ngemuva kokuba ethola imali engaphezu kuka-R1.1 million ifihlwe emabhokisini ezicathulo emotweni yayo yohlobo lwe-Ford Ranger ku-N3 eduzane naseTugela Plaza KwaZulu-Natal.

Okhulumela amaphoyisa ophiko lwe-SAPS uBrigadier Athlenda Mathe uthe lo msebenzi wenziwe yi-Gauteng Counter Intelligence Operations (GCI-OPS).

Ngokusho kukaMathe, amaphoyisa abelokhu elandela umkhondo mayelana nendoda eneminyaka engu-42 ubudala yayihambisa izidakamizwa ngesikhathi beyimisa besesha imoto yayo. Nakuba zingekho izidakamizwa ezitholakele, amaphoyisa athole imali engaphezu kuka-R1.1 million emabhokisini ezicathulo.

Amaphoyisa athi umsolwa akakhiphanga incazelo eyanisayo ngokuthi ivela kuphi imali.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Bayavela enkantolo abasolwa ngokudayisa izidakamizwa e-Overport

“Amaphoyisa ashaqe imoto yohlobo lwe-Ford Ranger Raptor, isibhamu esinelayisense eyenziwa ngasese, iselula kanye ne-Laptop ukuze kuzokwenziwa uphenyo,” kusho uMathe.

Uphenyo lube noshintsho ngesikhathi umsolwa ephekwa ngemibuza wabe esezama ukufumbathisa iphoyisa eliphenyayo.

UMathe uthi amaphoyisa abe eseqala omunye umkhankaso osheshayo noholele ekutheni kuboshwe abanye abasolwa ababili abengeziwe okuthiwa bazame ukunika amaphoyisa imali engu-R200 000 ukuze kuphazamiseke uphenyo

Kushaqwe u-R200 000 kanye nemoto yabasolwa yohlobo lwe-Volkswagen Amarok.

Umsolwa oneminyaka engu-42 ubudala kulindeleke ukuba avele eNkantolo yeMantshi yaseLadysmith kanti abanye ababili ababoshwe kuqhutshwa lo msebenzi bavele eNkantolo yeMantshi yase-Alexandra ngoLwesihlanu lwangomhlaka-14 August, 2026.

UMathe uthe lo mkhankaso ubonise ukuzibophezela kwamaphoyisa ekulweni nobugebengu bezezimali kanye nokumelana nenkohlakalo.

“Imizamo yokufumbathisa amalungu e-SAPS izohlangatshezwa ngesinyathelo esiqinile futhi izoholela emacaleni obugebengu.”

Okwamanje, uphenyo ngalolu daba luyaqhubeka.

The Post