Sezinhlanu izidumbu ezitholwe eHennops River kufunwa amaphoyisa aseF State alahlekile

ISekela likaKhomishana wamaphoyisa, uShadrack Sibiya, ukuqinisekisile ukuthi izidumbu ezinhlanu ezitholakale emfuleni iHennops, ezimbili kukholakala ukuthi ngezamaphoyisa amabili aseFree State adukile.

Amaphoyisa ophiko lwe-South African Police Service (SAPS) abelokhu ezulazula emfuleni omkhulu eCenturion ethungatha iphoyisa lesifazane lesithathu eladuka lihamba nozakwabo ababili besuka eBloemfontein beya eLimpopo ngesonto eledlule ngesikhathi beduka.

NgoLwesithathu olwedlule uConstable Cebekhulu Linda, Keamogetswe Buys noBoipelo Senoge baduka besendleleni beya endaweni abebeyosebenzela kuyo eLimpopo.

OLUNYE UDABA: Kutholwe izidumbu okukholakala ukuthi ngezamaphoyisa amathathu alahlekile

Izidumbu, sowesilisa nesowesifazane ezitholwe emfuleni izolo kusolwa ukuthi ngezamaphoyisa amabili abedukile.

Ubufakazi buholele amaphoyisa kuthelawayeka uN1 eduze kwebhuloho eliwela umfula iHennops ngoLwesibili ekuseni.

EHennops yilapho kuqhubeka khona imisebenzi yokufuna izisulu, usuku lonke njengoba manje sekutholakale ezinye izidumbu ezimbili.

Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthe amalungu omndeni wamaphoyisa afikile ePitoli akhuluma nabaphenyi

EWN

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *