
UKhomishana wamaPhoyisa e-KZN, uNhlanhla Mkwanazi, useveze izinsolo eziphuthumayo eziyamanisa uNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu nokuphambana nengalo yomthetho.
“Besizibuza umbuzo wokuthi yini eyenza ungqongqoshe athathe isinqumo sokumisa ithimba.
“Besingazi, size sathola ocingweni lomsolwa. Cha, le nto ivele ngoDecember njengeqhinga lokuqeda uphenyo mayelana nalokhu,” kusho uMkwanazi.
OLUNYE UDABA: “Kuzoba nzima ukungena ezicathulweni zikaMkhwanazi kozolandela”
“Le mininingwano isinikezwe uKhomishana kazwelonke, useyazi ngakho. Uyena ongase aluqhubeze luye noma yikuphi lapho ludinga ukuya khona,” engeza.
Ekhuluma esithangamini sabezindaba eThekwini namuhla ekuseni, uMkhwanazi udalule lokhu, okuyinto ayichaze njengenkohlakalo ejulile ohlelweni lwezobulungiswa kwezobugebengu.
Usola itulo elididiyelwe, elibandakanya osopolitiki abasezikhundleni eziphezulu namaphoyisa asezikhundleni eziphezulu ngetulo lokususa uKhomishana Wamaphoyisa Kazwelonke futhi kuhlakazwe ithimba eliphenya ngokubulawa kwezepolitiki.
UMkhwanazi uthi izinhlangano zezigebengu yizona ezihamba phambili kulesi senzo futhi zisebenzisa amandla awo kwezepolitiki ukucekela phansi uphenyo oluqhubekayo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
