Kubulawe owesifazane kwesokudubula eDurban North

Kushone owesifazane esigamekweni sokudutshulwa eDurban North ngeSonto ebusuku, kwalimala umshayeli wesithuthuthu nengane, lokhu kungokusho kwabosizo lokuqala i-ALS Paramedics.

Abosizo lokuqala bakwa-ALS Paramedics bathe bafike endaweni yesigameko ngemuva nje kwezithuba zabo-17:30 ntambama ku-Blackburn Road eduze noPark Road.

Okhulumela i-ALS Paramedics uGarrith Jamieson uthe ngesikhathi befika, bathole abasebenzi bezokuphepha abaningi kanye namaphoyisa ophiko lwe-SAPS sebevele bekhona endaweni yesigameko, nomgwaqo usuvaliwe.

OLUNYE UDABA: Seziboshiwe izigebengu ezidale ingozi eChatsworth

Abezimo eziphuthumayo bakhonjwe emotweni ebigcwele izimbobo zezinhlamvu, lapho abathole khona owesifazane, okukholakala ukuthi uneminyaka ebalelwa kweko-40 ubudala, enamanxeba amaningi okudutshulwa.

Lo wesifazane uhlonzwe njengoshonile endaweni yesigameko ngemuva kokuba abezimo eziphuthumayo bethole ukuthi akukho abangakwenza ukumsindisa.

I-ALS Paramedics ithe umshayeli wesithuthuthu oshayiswe yimoto walimala, uxilongwe endaweni yesigameko ngaphambi kokuphuthunyiswa esibhedlela kanti ingane yona iphuthunyiswe esibhedlela ukuthola ukwelashwa okwengeziwe.

IOL