
UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, usekhiphe amazwi aqinile kubantu besilisa abahlukumeza abesifazane.
“Noma ngubani ozibiza ngomuntu wesilisa oneminyaka ethile ubudala, ohlasela owesifazane nganoma yisiphi isizathu, nganoma iyiphi indlela, akakufanele ukubizwa ngendoda. Bafanelwe yijele, abakufanele ukuhlala emphakathini yethu.”
NgoLwesibili uMchunu ubesenkantolo eyolalela icala lowesilisa osolwa ngokuhlasela owayeyintombi yakhe kanye nonina emzini wabo oseRichmond KwaZulu-Natal Midlands, emasontweni amabili edlule.
Amaphoyisa athi umsolwa washaya umama wowayeyintombi kuqala ngaphambi kokugwaza indodakazi kuwo womabili amehlo nge-screwdriver.
Lo wesifazane osemncane uyelulama esibhedlela.
OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa umshayeli wetekisi kwalimala abagibeli eKZN
Umsolwa, uZenzele Xaba, ubhekene necala lokuzama ukubulala nelokushaya.
“Sekwanele, kodwa kufanele sidlale indima yethu kanye nethimba lezobulungiswa nezokuphepha futhi siqinisekise ukuthi siqinisa zonke izindlela ezixegayo ezenza kube lula kulaba bantu.”
UMchunu uthi umphakathi udinwe ugane unwabu uthi umsolwa akanqatshelwe ibheyili.
“ Futhi ngokwami ngiyabeseka, futhi kungijabulisile ukuthi ngisho namaphoyisa nomshushisi banikeze izizathu ezinhle kakhulu ekuphikiseni isicelo sebheyili. Nginethemba lokuthi uma imantshi isithatha isinqumo ekugcineni, iyobe ivuna lokho okufunwa umphakathi.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
