
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFannie Masemola usekuqinisekisile ukuthi izidumbu ezintathu kweziyisihlanu ezitholwe eHennops River eCenturion ngezamaphoyisa alahlekile.
La maphoyisa anyamalala ngesonto eledlule ephuma eBloemfontein elibangise eLimpopo, lapho kade ejutshwe ukuyosebenzela khona.
Imoto abehamba ngayo amaphoyisa igcine ukubonakala kumakhamera kuBrakfontein interchange ku-N1 ngasenyakatho, nokuholele ekutheni amaphoyisa aseshe emfuleni iHennops.
Ezinye izidumbu ezimbili zabantu besilisa kubikwa ukuthi azihlangene nezamaphoyisa amathathu.
OLUNYE UDABA: Sezinhlanu izidumbu ezitholwe eHennops River kufunwa amaphoyisa aseF State alahlekile
UMasemola elandisa abezindaba endaweni yesigameko, uthe ukufunwa kwemoto eyayihamba la maphoyisa kusaqhubeka.
“Njengoba nazi, siwathungathe yonke indawo amaphoyisa ethu amathathu alahlekile, uConstable Keamogetswe Buys, uConstable Boipelo Senoge noConstable Cebekhulu Linda. Besinethemba lokuthi amaphoyisa ethu womathathu sizowathola ephephile futhi engenamyocu, ngeshwa akubanga njalo,” kusho uMasemola.
UMasemola uqhube wathi, “Kuyishwa elikhulu ukuthi ngiqinisekise ukuthi amalungu amaphoyisa amathathu atholwe kanye nezinye izidumbu ezimbili. Esisodwa sezidumbu ngesikamabhalane okanye isisebenzi sasengadini yaseLittleton Police Station.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
