
Amaphoyisa asathungatha imoto ebihamba amaphoyisa amathathu angasekho emhlabeni.
Izidumbu zamaphoyisa akwaSAPS, esikaConstable Cebekhulu Linda oneminyaka engu-24 ubudala, uConstable Keamogetswe oneminyaka engu-30 ubudala noConstable Boipelo Senoge oneminyaka engu-20 ubudala zitholwe emfuleni iHennops eCenturion izolo.
Laba bobathathu balahleka ngoLwesithathu ngesonto eledlule, babesuka eBloemfontein belibangise eLimpopo lapho ajutshwe ukuyosebenzela khona.
OLUNYE UDABA:Kuqinisekiswe ukutholakala kwezidumbu zamaphoyisa aseF State eHennops River
Amalungu omndeni ahlonze izidumbu zezihlobo zawo emakhazeni ePitoli.
Imoto yamaphoyisa igcine ukubonakala ibheka enyakatho ku-N1.
Kutholwe nezinye izidumbu ezimbili kuwo lo mfula. Isidumbu esisodwa bekungesikamabhalane wasemaphoyiseni kanti esinye besesonakele.
Omunye ubengokamabhalane wamaphoyisa kanti omunye ubolile.
UKhomishana wamaPhoyisa kuzwelonke uFannie Masemola uthi; “Uphenyo lusaqhubeka njengoba ingakatholakali imoto yabo, okwamanje besingakafuni ukuqagela. Kukhona esesikwazi njengoba esetholiwe amalungu amathathu amaphoyisa kanti uphenyo yilo oluzoveza ukuthi kwenzekeni kodwa asifuni ukuphuthuma izinto sisheshe sifinyelele esiphethweni.Kodwa njengamanje singasho ukuthi siyabona ukuthi imoto ingene ngakuphi Emfuleni.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
