
UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal uNomagugu Simelane ugalelekile endaweni yaseMpolweni Mission ngaphansi komaspala waseMshwathi esiFundeni soMgungundlovu lapho afike khona ngohlelo lukaSiyahlola.
UNgqongqoshe uzobheka ibanga eselihanjiwe ngokwakhiwa kweMpolweni Clinic ezosiza lendawo ngokusondeza izidingo zeMpilo.
Njengoba egade umzila nje uNgqongqoshe yingoba wafika kule ndawo ngoApril wonyaka odlule wahlaba isoyi wabe usuqala lo msebenzi ka-R71 million ngoJune 2024.
OLUNYE UDABA: IVIDEO: UNgqongqoshe wezempilo eKZN uchaze ngezikhala zodokotela ezizokhangiswa
Lokhu kuhlanganisa nokwakhiwa kwamagumbi okuhlala abasebenzi. Nakuba kuke kwaba nokulibaziseka okudalwe yizimo ezehlukene njengesezulu kanjalo neBusiness Forum.
USimelane wenelisekile ibanga eselihanjiwe njengoba kulindeleke ukuthi uqedwe uphinde uvulwe ngonyaka ozayo lo mtholampilo.
Kuzwakal ukuthi uNgqongqoshe ujabulile ukuzwa ukuthi bangu-22 abantu bendawo abaqashiwe kulo msebenzi.
IVIDEO:
IZITHOMBE:







Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
