
IThe Real Prince idle umhlanganiso emjahweni wamahhashi ohamba phambili kuleli, iDurban July 2025.
Leli hhashi beligitshelwe u-Jockey, u-Craig Zackey kanti liqeqeshwa ngu-Dean Kannemeyer.
IThe Real Prince yehlule intandokazi yeningi u-Eight of Eighteen ngegebe elincane ukuze awine umjaho.
OLUNYE UDABA: Kuzophithizela inqwaba yamatende kuHollywoodbets Durban July kuleli sonto
Indikimba yeDurban July yalo nyaka ibithi “Marvels of Mzansi” kanti ibungaza amagugu aseNingizimu Afrika, yingcebo, ukuhlukahluka kwamasiko, kanye nezindawo ezinhle ezimangalisayo.
Ithulela isigqoko impumelelo yesizwe futhi ihlose ukuhlanganisa abantu ekuboniseni okugqamile kwamasiko kanye nobuciko baseNingizimu Afrika.
I-Eight of Eighteen okuyimfivilithi yeningi ibibhekwe ngabomvu ukuba kube yiyo eqoqa izindondo kuHollywoodbets Durban July eGreyville Racecourse kule mpelasonto.
Ngeshwa leli hhashi elineminyaka emithathu ubudala eliqeqeshwa nguJustin Snaith futhi eligitshelwe umpetha wojokhi uRichard Fourie likhale phansi.
I-Eigth of Eighteen ingene emhqudelwaneni ka-R5 million Hollywoodbets Durban July iqukethe imiphumela emihle nencomekayo, kwazise iphume phambili emqhudelwaneni wodumo iCape Town Met ngoJanuary, yaphinda nakuSplashOut Cape Derby ngoFebruary.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
