Kuzophithizela inqwaba yamatende kuHollywoodbets Durban July kuleli sonto

Aseqalile ukufakwa amatende amakhulu eThekwini ukulungiselela umcimbi omkhulu owaziwa ngeHollywoodbets Durban July ezokuba kuleli sonto ngomhlaka-05 July 2025.

Amehlo azobe ethe njo kwimcimbi eyahlukahlukene kuleli sonto, osaziwayo abaphuma kwezinye izifundazwe bazobe betheleke la KwaZulu-Natal.

Umcimbi weHollywoodbets Durban July uzobe uhluke kakhulu kulo nyaka njengoba kuzobe kukhona netende lamabhinca okungokokuqala emlandweni walo mcimbi osunemnyaka ukhona.

OLUNYE UDABA: Babalelwa ku-45 000 abazohambela iHollywoodbets Durban July eThekwini

Kuzokhumbuleka ukuthi lo mcimbi ubudume kakhulu ngeVodacom Durban July kodwa emnyakeni edlule ube usuthathwa abakwaHollywoodbets.

Ukuza kwalo mcimbi eThekwini kuzophinde kuhlomulise osomabhizinisi abahlukene kanti namathuba emsebenzi azovuleka okuyinto ezofaka umnotho omkhulu esifundazweni saKwaZulu-Natal.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)