
Njengoba sekuyilesi sikhathi sonyaka kulindeleke ukuba iningi labantu lilibangise eThekwini emcimbini weminyaka yonke iHollywoodbets Durban July ezobanjelwa eHollywoodbets Greyville Racecourse ngomhlaka-5 July 2025.
IHollywoodbets Durban July ingenye yemicimbi emikhulu ekhalendeni leDolobha futhi iwona mcimbi oletha abantu abavela kumazwe ngamazwe nangaphandle kweThekwu. Itheme yakulo nyaka ithi Marvels of Mzansi.
Lo mcimbi womjaho wamahhashi unomthelela omkhulu kwezomnotho eDolobheni kanti kubhekwe ukuthi uhanjelwa ngabantu ababalelwa ku-45 000 abazofika kwelikabhanana.
OLUNYE UDABA: Kwethulwe uhlu lwabaculi abazonandisa kwiHollywoodbets Durban July
Izilinganiso ziveza ukuthi cishe ngu-R278.6 million ozonyusa ukusetshenziswa kwemali nggqo uphinde ufake uR689.4 million ku-GDP.
Ngalo mcimbi kulindeleke ukuba kudaleke amathuba emisebenzi angu-4 403.
Amabhizinisi emikhakheni eyahlukene, okubalwa nomnotho ongakahleleki, nawo azothuthuka.
Eminye imikhakha okubhekwe ukuthi ihlomule kulo mcimbi ngabemfashini nezindwangu, owezokuthutha, izindawo zokudlela, izinwele nobuhle, namabhizinisi adayisa ukudla okusheshayo.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
