Kwethulwe uhlu lwabaculi abazonandisa kwiHollywoodbets Durban July

Sekubalwa izinsuku ezimbalwa ukuthi ubuye umcimbi obaminyaka yonke eThekwini iHollywoodbets Durban July ezobanjelwa eGreyville Racehorse ngomhlaka- 6 July 2025.

Kulo nyaka kulindeleke ukuthi lo mcimbi uhehe abantu abaningi ngenxa yesigqi sawo sokubuyisa ubuntu nokuzigqaja kwabantu ngobubona.

Kuyakhumbuleka ukuthi lo mcimbi ubutha bonke osaziwayo bakuleli nalapho besuke bedle igqephu kanokusho.

OLUNYE UDABA: I-Africa Travel Indaba 2025 eyimpumelelo iqinisa umthelela wezomnotho kwezokuvakasha

IHollywoodbets okuyibona abaxhasi abakhulu balo mcimbi bamemezele abaculi abazoba yingxenye yalo mcimbi.

Umculi wakuleliu Zolani Mahoya uyena ozovula lo mcimbi ngeculo lesizwe, abanye abaculi abazonandisa kulo mcimbi yiMafikizolo, uLira, uLee Cole kanye noHot water nabanye abaningi.

Kulindeleke amatende ahlukahlukene kulo mcimbi azobe egabe ngosaziwayo abaningi.

Abaculi abaningi bakulelI balindelwe ematendeni ahlukahlukene nalapho bazobe benandisa khona.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit