I-Africa Travel Indaba 2025 eyimpumelelo iqinisa umthelela wezomnotho kwezokuvakasha

Izinzuzo zezomnotho ezicatshangelwayo ezigqugquzelwe yi-Africa’s Travel Indaba 2025, kusukela kwingqalasizinda yomcimbi kanye nokuhlelwa kwempahla kuya endaweni yokuhlala, izindawo zokudlela, kanye nezinsizakalo zezokuthutha zendawo, zibe balulekile.

Umthelela oqondile wezomnotho we-Africa’s Travel Indaba ku-GDP yaseThekwini ulinganiselwa ezigidini ezingama-R574, kanti ukusetshenziswa kwezimali okuqondile okungaphezulu kuka-R232-million, okugqamisa izinzuzo ezinkulu zomnotho.

Ukwengeza, umcimbi udale amathuba omsebenzi angaphezu kwezi-2,000, ikakhulukazi entsheni kanye nemiphakathi yasendaweni, kanti imali ebilindelwe yimindeni ingaphezu kuka-R140 million.

Izibalo zamanje (ezisazocwaningwa) zikhomba ukuthi i-Africa’s Travel Indaba 2025, enesihloko esithi ‘Unlimited Africa’, isingathe abantu abangaphezu kuka-9,990, nokusho ukuthi inyuke ngo-7.7% uma kuqhathaniswa nabantu abangu-9,280 ababe khona ngo-2024 nemihlangano esezingeni eliphezulu engaphezu kuka-24 500 eyabanjwa.

OLUNYE UDABA: UGogo Mahlangu ubengomunye wabazokhangisa ngezamasiko nobuciko kwi-Africa Travel Indaba

Lo mcimbi uhehe abakhangisi abangu-1,348 nabathengi abangu-1037, kanti izinombolo zababukisi kanye nezinombolo zabathengi bamazwe ngamazwe yizona eziqoshwe kakhulu eminyakeni emine eyedlule. Isamba samazwe ase-Afrika angama-27 abambe iqhaza, okuhlanganisa nabasanda kungena abavela e-Chad, St Helena, naseBurkina Faso.

I-Africa’s Travel Indaba 2025 ivulwe ngokusemthethweni yiapahni liksamaengameli waseNingizimu Afrika uPaul Mashatile, noNgqongqoshe Wezokuvakasha kuleli uPatricia de Lille.

UThembisile Sehloho, oyiChief Marketing Officer weSouth African Tourism ekhuluma nabezindaba ngosuku lokugcina lwalo mbukiso uthe: “Siyaziqhenya kakhulu ngokuthi siphinde sethula umbukiso ophambili wemikhiqizo yezokuvakasha eyahlukene yezwekazi lase-Afrika.

UWinile Mntungwa, iPhini leNhloko yeDurban Tourism uthe: “Ukuntengantenga komnotho kuzwakale nangaphandle kwenkaba yedolobha, kuhlomulisa amabhizinisi ezokuvakasha asemalokishini nasezindaweni zasemakhaya, asemthethweni nangekho emthethweni, okuhlanganisa amabhizinisi ezivakashi ezindaweni ezisingathe okanye ezihlinzeka izithunywa ngosizo lwangaphambi nangemuva kokuvakasha kanye nemisebenzi yasendaweni.

USibusiso Gumbi, oyiBamba lesiKhulu esiPhezulu seKwaZulu-Natal Tourism & Film Authority uzwakalise ukuzethemba kwakhe okukhulu ebudlelwaneni obuphakathi kwezokuVakasha eNingizimu Afrika, iKwaZulu-Natal Tourism & Film Authority, iDolobha laseThekwini ne-Durban ICC.

“Kuyangijabulisa ukusho ukuthi iKwaZulu-Natal isingathe enye i-Africa’s Travel Indaba ebeyimpumelelo enkulu enenqwaba yezzihambeli, abathengi bamazwe ngamazwe kanye nezinkampani zezindiza ezihambele lo nyaka.

“NjengeTourism KwaZulu-Natal neFilm Authority, seseke amabhizinisi angu-26 asafufusa abezobukisa esitendini sethu futhi athola ithuba lokuxhumana nabathengi abavela e-Afrika yonkana.”

USandile Makhanya, oyi-Acting Marketing & Communications Executive eNkosi Albert Luthuli International Convention Centre (Durban ICC) uthe: “I-Africa’s Travel Indaba iwumcimbi wethu wokuqala. Njenge-ICC, sizibophezele kakhulu ekuqinisekiseni ukuthi lo mcimbi wokuhwebelana uveza i-Afrika emhlabeni futhi unegalelo elikhulu kumnotho wethu wakuleli.

“Kulo nyaka, siqhubekile nezinhlelo zethu zokubandakanya izitshudeni zesikhungu semfundo ephakeme i-Durban University of Technology kanye namakhono okupheka asendaweni, sibanikeze ulwazi olubalulekile namathuba kulo mcimbi.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *