IZITHOMBE: Bayavela enkantolo abathengisa insangu ezitolo zokudla

Amaphoyisa aKwaZulu-Natal abophe abasolwa abahlanu abaneminyaka ephakathi kwengu-22 nengu-41 ubudala ngokudayisa izidakamizwa ngemuva komkhankaso ophumelele owenziwe ezindaweni ezine zamaphoyisa ngaphakathi kwesiFunda saseThekwini.

Lo mkhankaso wenziwe yi-Provincial Organised Crime Narcotics and Organised Crime Threat Unit elandele imininingwano mayelana nomsolwa okusolwa ukuthi uthengisa insangu ezitolo zakhe ezine ezise-Umbilo, e-Amanzimtoti, e-Brighton Beach nase-Montclair.

OLUNYE UDABA:Bayavela enkantolo ababoshwe eNtuzuma

NgoLwesine ekuseni ithimba lenze iwaranti yokusesha ngesikhathi kuzo zonke lezi zindawo ngesikhathi esifanayo. Umsolwa oyinhloko waboshwa endaweni ehlukile wayiswa endaweni yakhe yokuhlala e-Yellowwood park lapho kwatholakala khona enye insangu. Inani lentengiso yasemgaqweni lensangu etholiwe lilinganiselwa ku-R1.3 million.

Bonke abasolwa ababoshiwe bathweswe amacala okudayisa izidakamizwa kanti bazovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla.

IZITHOMBE: