Kwethulwe umqhudelwano wokuhlonipha uShenge

Uthulwe ngokusemthethweni umqhudelwano oba minyaka yonke owaziwa ngePrince Mangosuthu Legacy Cup ozobanjelwa oLundi ngomhlaka-11 October 2025 enkundleni yezemidlalo khona oLundi.

Lo mqhudelwano kuhloswe ngawo ukuhlonipha iNkosi uMangosuthu Buthelezi.

OLUNYE UDABA:Injabulo kubalandeli kubuya imidlalo yeBetway Premiership kusasa

Amaqembu azoba yingxenye yalo mqhudelwano kukhona neKaizer Chiefs, Amazulu FC, Nsingizi Hotspurs kanye neNjampela FC, iqembu laMakhosi lizotholana phezulu neNjampela kuthi Amazulu FC wona atholana neNsingizi Hotspurs

Lo mqhudelwano uzobanjwa okwesikhombisa kulo nyaka kanti kunxuswa abalandeli bebhola ukuthi bephume ngobuningi babo bezozijabulisa ngale midlalo.