
Ithuke izanya indoda yaseKhayelistha ngesikhathi ithola amakhanda amabili embuzi emnyama olwandle iMonwabisi Beach eKapa.
Lesi sigameko esishaqisayo senzeke ngoLwesibili ntambama ngomhlaka-17 March 2026, ngesikhathi iyozilulela izinyawo ipholise nekhanda.
Le ndoda ithi uhambe lokuya olwandle obekumele lube wuhambo lokuyoshaywa wumoya luphenduke into engayazi, yafica isimanga ebhishi.
Le ndoda itshele abephephandaba iDaily Sun ukuthi ivame ukuziyela ebhishi iyosusa amabhadi iphinde ihluze umnqondo wayo kodwa kulokhu kwenzeke inkiyankiya nje.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Izingane zesikole zibhema i-fire extinguisher
“Ngathi kwenzeke okuphambene kulokho. Satshelwa ukuthi amanzi olwandle anosawoti ongakwazi ukugeza amabhadi, kodwa kubukeka sengathi namabhadi ungawathola kuwo.
“Kwenziwa yini ukuthi umuntu ayolahla amakhanda ezimbuzi ezimnyama emanzini. Nginesiqiniseko sokuthi bekwenziwa izinto zobumnyama, ngeshwa ngaqonda ngqo ebumnyameni,” kusho le ndoda eyisakhamuzi.
Le ndoda ithi isicabanga ukuvakashela isangoma ukuze iyodgeza la mabhadi ewathole olwandle njengoba ingene emanzini eduze kwalama khanda.
Ithi iyaqala ukubona into enje empilweni yayo, yengeza ngokuthi kuyenzeka ibone izinkukhu ezifile kodwa hhayi amakhanda ezimbuzi.
Isangoma sasendaweni yakwaLanga, uGogo Ngonyama sithe ukusetshenziswa kwembuzi emnyama kuyamaniswa nemisebenzi yobumnyama.
“Ngokuvamile, izizathu kuyaba ngezokuthakatha noma kuthwala ukuze umuntu abenemali, amandla, ahlonishwe noma athole ingcebo esheshayo. Izikhathi eziningi kuphetha kabi kulowo muntu osuke enze njalo nasemndenini wakhe.”
UGogo Ngonyama uthi akakwazi ukuqinisekisa ukuthi yini eyenzzekile kodwa izimpawu ziyakhathaza.
Ukutholakala kwalama khanda kushiye umphakathi unovalo nokusaba ukuthi shuthi izinto zobumnyama ziyenzeka emphakathini.
