Kubungazwa ulimi lwebele

Ungongqoshe wezemidlalo amasiko namaciko u Amanda Bani Mapena uhambele isikole i Dwaleni High School elokishini lase Ncotshane oPhongolo ngaphansi kwe Zululand District ukuyobungaza usuku lokuqhakambisa ukusetshenziswa kwebele emhlabeni wonke jikelele i-International Mother Language Day.
Lolusuku lubungazwe izikole ezintathu kanye neNyuvesi yase Zululand gedili lomculo, imidlalo yeshashalazi kanye nenkulumo mpikiswano. u Bani Mapena uthi lolusuku lubaluleke kakhulu njengoba lugqugquzela ukugcinwa kanye nokusetshenziswa kolimi lwebele. “Lembungazo idlala indima enkulu ekutheni abantu bazigqaje ngolimi lwabo,kanjalo nokuhlalisana ngokuthula komphakathi, iphinde idlale indima enkulu ekutheni abantu bafunde nangokwehlukahlukana kwezilimi kanye namasiko.”kusho u Bani Mapena.