
Durban – Izinkulungwane zabantu ziphume ngobuningi bazo ngokweseka imashi ebihlelwe nguJacinta Ngobese-Zuma eThekwini, ngoMsombuluko.
Le mashi ibimayelana nokuqiniswa kwemithetho yabantu bokufika kanye nezokuphepha emngceleni ukuze kubhekwane nesihlava sabantu bakwamanye amazwe abangena kuleli ngokungemthetho.
OLUNYE UDABA: Mchunu: Sekuboshwe owokufika ngesigameko saseSoshanguve
Kubikwa ukuthi imashi ibiyesekwe nanguNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, okhiphe isitatimende izolo, wathi uhulumeni usazibophezele ekuvikeleni bonke abantu baseNingizimu Afrika.
Kumashelwe ehholo eliseThekwini iDurban City Hall KwaZulu-Natal kuhanjiswa incwadi ephikisana nokufika kwabantu bakwamanye amazwe eNingizimu Afrika ngokungemthehto izolo.
Kunxuswe nokuba isigungu esilawula imingcele, ukwenyuswa kwezinsiza zamaphoyisa ophiko lwe-SAPS kwagcizelelwa nokuthi le mashi bekungesiyo eyokuhlasela abantu bokufika.
OLUNYE UDABA: Kwethulwa izindlela zokunqanda inkohlakalo emingceleni
Namuhla lomsakazi weVuma FM ufake ekhasini lakhe ku-Facebook, inombolo ezosiza izakhamuzi zaseKZN uma zifuna ukubika ngobugebengu obenziwe ngabantu bokufika kuleli.
Facebook:
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
