
Amaphoyisa aKwaZulu-Natal axwayise izakhamuzi zaKwaMashu enyakatho yeTheku ngezigilamkhuba ezizenza amaphoyisa.
Lokhu kuza ngemuva kwezigameko lapho izigebengu zisebenzisa indlela efanayo ukugebenga ezindlini.
OLUNYE UDABA: Mchunu: Sekuboshwe owokufika ngesigameko saseSoshanguve
Odabeni lwakamuva, amadoda azenza amaphoyisa abambe inkunzi owesifazane oneminyaka engu-36 ubudal, waphucwa amaselula nemali emzini wakhe oseSigcemeni sakwa-J khona KwaMashu.
Okhulumela amaphoyisa esifundazweni, uThenjiswa Ngcobo uthe,“Amaphoyisa aKwaMashu anxusa amalungu omphakathi ukuba aqaphele izigebengu ezizenza amaphoyisa, lokhu kuza ngemuva kokubikwa kwamacala amningi abikwe esiteshini okuyinto okukholakala ukuthi yiyona ndlela esetshenziswayo ukubamba inkunzi.
“Iminininganwe etholwa ngamaphoyisa iveza ukuthi kufika amadoda amabili noma amane emzini othile ezenza amaphoyisa azobheka izibhamu.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
