Kubhekwe uGerda Steyn weHollywood Athletics Club kuComrades Marathon

Sekubalwa izinsuku ukuthi kufike usuku olukhulu lweComrades Marathon ezosukela eCity Hall yaseMgungundlovu isongwe eMoses Mabhida, eThekwini.

Lo mjaho walo nyaka owesi-98 kanti ungu-89km, kulo mqhudelwano othakaselwa abantu abaningi eNingizimu Afrika nangaphandle ubungenelwe abantu abangu-24 000 kanti bangu-22 000 abakwazile ukwenza izikhathi zokuba yingxenye yayo.

OLUNYE UDABA: Uhlu lwemigwaqo ezovalwa ngenxa yeComrades Marathon eThekwini

UGerda Steyn ovikela isicoco kwabesifazane ubhekiwe osukwini lwangeSonto ukuthi asivikele ngobunono lesi sicoco, kanti abanye abesifazane ababhekiwe ngu-Irvette Van zyl, uJenet Mbhele, noDikeledi Majara.

Ngasohlangothini kwabesilisa nguPiet Wiersma waseNetherlands okuyena onqobe ngonyaka odlule ubhekiwe, kube nguDijane waseNorth west onqobe ngo-2023 naye ubhekiwe.

Umjaho weComrades Marathon uphethe imiklomela ka-R7.6 Million kanti ozowina uzothola uR874 000 kwabesilisa nakwabesifazane.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)