
Kuboshwe oqeqesha abantu ukushayela izimoto nomfundi ongumshayeli ngecala lokukhwabanisa eMgungundlovu ekulweni nokukhwabanisa kwamalayisensi.
Laba bobabili baboshwe ngesikhathi sokusebenza kobunhloli okwenziwa yi-Transport and Traffic Inspection Unit e-Umkondeni Driving and Testing Centre ngoLwesithathu.
Amaphoyisa athole ingxoxo phakathi komfundi ongumshayeli kanye nomqeqeshi esikoleni sokushayela esizimele mayelana nokushintshana ngemali engu-R1,800.
OLUNYE UDABA: Ubhekene necala elibomvu udokotela ‘oweqe esitokisini’ eboshelwe ukushayela edle ezikaFaro
Esitatimendeni, uMnyango wezokuThutha wesiFundazwe uthe ugunyaze amaphoyisa ukuba aqede iqembu elisebenza ezikhungweni ezahlukene zokuhlola esifundazweni elisiza ekukhishweni kwamalayisensi ngokukhwabanisa.
“Isisebenzi somnyango esihilelekile kulolu daba sizobhekana nengalo yomthetho kanzima,” kusho isitatimende.
Kubikwa ukuthi abashayeli emigaqweni yesifundazwe baphakathi kuka-30% kuya ku-50% basebenzisa amalayisensi atholwe ngokukhwabanisa nenkohlakalo.
