
UFloyd Shivambu ukhishiwe njengonobhala-jikelele we-MK Party ngemuva kohambo lwakhe oluyindida lwaseMalawi lapho ahlangana khona noShepherd Bushiri.
UShivambu usezobuyiselwa ephalamende.
Iqembu libe nomhlangano ngoMsombuluko obizwe ngumholi uJacob Zuma ukudingida ngesimo seqembu kanye nokuhambela kukaShivambu esontweni likaBushiri.
IPhini likaSihlalo we-MK Party, uNkosinathi Nhleko, lithe iqembu “alisenayo enye indlela”.
OLUNYE UDABA:I-MK Party iziqhelelanisa nenkulumompikiswano ye-VAT, ime ngombono weningi
“Ngemuva kwezingxoxo ezinde kanye nemibono yezikhulu zikazwelonke kwaphetha ngokuthi izenzo zikanobhala-jikelele ziphambene nomoya kanye nemigomo yomthethosisekelo weqembu.”
Izingxoxo kulo mhlangano ziqinisekise ukuthi lolu hambo akulona uhlelo olugunyazwe ngokusemthethweni yinhlangano noma lomholi, okuyinto ephambene nomthethosisekelo.
Ubuholi be-MK Party bukholelwa ukuthi uShivambu uzofaneleka kangcono ephalamende, lapho ezoqinisa khona ikhokhasi yeqembu njengeqembu eliphikisayo elisemthethweni.
“UShivambu unolwazi olunzulu njengoba ebeyilungu lePhalamende,” kusho uNhleko.
Iqembu libonge uShivambu ngeqhaza lakhe njengomgqugquzeli kazwelonke nanokuba ngunobhala-jikelele.
[BREAKING] Floyd Shivambu is removed as MK Party secretary general after meeting with self-proclaimed prophet Shepherd Bushiri in Malawi. The party says Shivambu is now deployed as a Member of Parliament.#Newzroom405 pic.twitter.com/reEF1CVUnG
— Newzroom Afrika (@Newzroom405) June 3, 2025
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
