Sekubikwe ngohlobo olusha lweCovid-19 emazweni angu-22

Sekubikwe ngohlobo olusha lweCovid-19 olungenise ezingxenyeni eziningi zomhlaba kanti angu-22 amazwe osekubikwe ukuthi leli gciwane lihlasele kuwo.

NgokweWorld Health Organisation, kusukela ngomhlaka-18 May, ososayensi bahlonze izehlakalo ezingu-518 ye-NB.1.8.1 kumasampula aselebhu avela kulawo mazwe.

Kuze kube yimanje, bekungakabikwa lutho e-Afrika.

USihlalo weSouth African Medical Association, uDokotela Mvuyisi Mzukwa, uthi iwuhlobo oluhlukile lwe-Omicron futhi manje ibalwa cishe ku-10% wezifo emhlabeni jikelele.

OLUNYE UDABA: Owezempilo ukhathazekile ngokwehla kwamazinga okugonywa kwezingane

“ Esikwaziyo ukuthi ibhebhetheka kalula futhi igqame kakhulu emazweni okubalwa kuwo i-China, Hong Kong, e-USA, Australia, Thailand nakwamanye amazwe.”

I-WHO ithi yize izibalo zabantu abanalesi sifo kanye nokulaliswa ezibhedlela kukhuphuka kwezinye izifunda, abukho ubufakazi bokuthi igciwane ligulisana kakhulu kunelangaphambilini.

Kepha eNdiya, izikhulu zezempilo ziqophe isibalo sabantuabangaphezu kwabangu-4 000 abanalolu hlobo lwegciwane nesibalo sabantu abantu abahlanu asebeshonile emahoreni angu-24 edlule. kwabantu abahlanu emahoreni angama-24 edlule.

UMzukwa uthi i-COVID-19 eNingizimu Afrika isasesigabeni sayo sokubhebhetheka.

“Sisenayo, kodwa izinombolo zisephansi kakhulu ezweni, ukugoma yinto elindeleke ukuthi ihlezi isebenza ukuze uvikeleke ekutholeni izimpawu ezinamandla. Kodwa uma unezimo zempilo ezikuxinayo njengokuba nenkinga yezinso ungase ufune ukwazi ngokugomela iCovid ikakhulukazi uma sekungaphezu kweminyaka emibili unaleyo nkinga.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)