
I-South African Social Security Agency (Sassa) ichithe imibiko esatshalaliswe ezinkundleni zokuxhumana ethi abahola isibonelelo sikahulumeni bazohola Kabili.
Abakwa-Sassa baxwayisa ngokuthi le mininingwane engesilo iqiniso idala itwetwe elingadingeki kwinqwaba yezakhamuzi zakuleli.
NgoLwesithathu, abakwa-Sassa ithe “ikhathazeke kakhulu” ngokusabalala kweminingwano engamampunge ezinkundleni zokuxhumana, ithi uhulumeni ugunyaze ukuba kuholwe izibonelelo kabili.
OLUNYE UDABA: Zizonyuka ngo-October izibonelelo zikahulumeni zakwaSASSA
Abakwa-Sassa bafisa ukucacisa ukuthi le miningwano ayisilo iqiniso.
“Akukaze kube khona isimemezelo esiphuma kwaSassa noma kuHulumeni sokuholwa kabili kwezibonelelo.”
Abakwa-Sassa banxusa umphakathi ukuba ungayisabalalisi le mininingwano, begcizelela ukuthi lo mbiko ongamampunge ungaba nemiphumela engemihle.
