
ISouth African Social Security Agency (Sassa) isikuqinisekisile ukuthi zonke izimali zesibonelelo sikahulumeni zizonyuka ngomjikelezo wokukhokhwa kuka-October, njengokuhambisana nenkulumo kaNgqongqoshe wezeziMali u-Enoch Godongwana yesabelomali sika-2025/26.
Lezi zibonenelolo kulindeleke ukuba zinyuke ngoR10.
Ukulungiswa okuncane kulandela ukwenyuka kokuqala okwaqala ukusebenza mhla-1 April ka-2025, njengoba kwamenyezelwa uGodongwana ngesikhathi ethula isabelo.
OLUNYE UDABA:SASSA-Kuzobambezeleka izibonelelo zabangaphezu kuka-200 000
Isikhulu sakwaSassa, uThemba Matlou, ukwamukele ukwenyuka, wakuchaza njengokungenelela okubalulekile.
“Lokhu kuqinisekisa ukuzibophezela kukahulumeni ekuvikeleni abasengozini enkulu emphakathini, ukunciphisa umthwalo wezezimali kanye nokubanciphisa ebunzimeni bezomnotho,” kusho uMatlou.
Ugcizelele ukuthi lesi sikhungo siwulungele ngokugcwele umjikelezo wokukhokha ozayo.
“Zonke izinhlelo zihamba ngomjikelezo wokukhokhwa kuka-October, futhi bonke abahlomuli bezibonelelo zikahulumeni abafanelekile bazothola izibonelelo zabo ngaphandle kokuphazamiseka,” esho.
Lesi sikhungo siphinde saqinisekisa uhlelo lwezinkokhelo zenyanga ezayo:
Izibonelelo Zabadala zizokhokhwa ngomhla ka-2 October 2025.
Izibonelelo Zokukhubazeka zizolandela ngomhla ka-3 October 2025.
Izibonelelo Zezingane zizokhokhwa mhla ka-6 October 2025.
