
Owesifazane oneminyaka engu-35 ubudala uzovela eNkantolo yeMantshi yaseThekwini ngezinsolo zokweba usana ayeqashelwe ukulugada, namuhla.
Amaphoyisa athi ngesikhathi umama wengane enezinyanga eziyisishiyagalolunye ebuyela kubo eThekwini ngoMgqibelo ntambama, indodana yakhe nomzanyana bebengekho.
OLUNYE UDABA: Utalajwe yiqulu labantu owesifazane ‘obulale umama nendodana’ esigamekweni sokuphanga
Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uPaul Magwaza, uthe kusolakala ukuthi ngesikhathi umama ethinta umzanyana, wamtshela ukuthi useMpangeni wangabe esachaza isizathu esizwakalayo sokuthi kungani ehambe nengane.
Kwavulwa icala esiteshini samaphoyisa eDurban Central.
UMagwaza uthi umzanyana wengane uboshwe eMpangeni kanti usana lona lwatholwa lungenamyocu.
“Olunye uphenyo ngalolu daba luveze ukuthi umsolwa wabikela isoka lakhe ukuthi ingane yabo lena futhi isoka belimthumelela u-R2 500 nyanga zonke ukuze anakekele izidingo zengane.”
