INehawu iyayingabaza inqubekela phambili mayelana nezidumbu ezingenamnikazi emakhazeni

Inyunyana yabasebenzi i-National Education, Health and Allied Workers Union ithi isanokungabaza mayelana nezinsolo zokuthi kube nenqubekela phambili ekunciphiseni isibalo sezidumbu ezingenamnikazi emakhazeni kahulumeni e-KZN.

Inyunyana yabasebenzi bezempilo ikhulume kulandela isimemezelo sikaNgqongqoshe uNomagugu Simelane sokuthi isibalo sehle ngo-60% safinyelela ngaphezulu kuka-600.

OLUNYE UDABA: Sekushone omunye wabaqaphi bomphakathi eSoshanguve

Ukhulume emhlanganweni wekomidi lezempilo lesabelomali esiShayamthetho saKwaZulu-Natal.

U-Ayanda Zulu weNehawu utshele amalungu ePhalamende ukuthi bafuna ukuwucwaninga lo mbiko.

“ Sizohlangana noNgqongqoshe ngoLwesibili, futhi sizothola umbiko kulowo mhlangano ngoba, okokuqala, kunemibiko evela ohlakeni lwethu yokuthi kube nokuncishiswa okuthile, kodwa okwamanje, asikwazanga ukuyibala ukuze sikwazi ukusho ukuthi ngabe u- 6% noma akusiwo.

UZulu uthe sekunesikhathi befuna izinguquko.

“Kubalulekile ukuthi uMnyango Wezempilo KwaZulu-Natal uvale isikhala sikaGale Street ngokwakha indawo yamakhaza entsha ezobhekelela umphakathi wasenkabeni yedolobha kanye naseNingizimu yeTheku.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *