

Amaphoyisa aseLamontville athungatha abasolwa abathathu abaphunyuke beboshwa ngesikhathi bephuma bebaleka emotweni yabo phambi kwamaphoyisa emgwaqeni uMthiyane Avenue ngezikhathi zasekuseni ngeSonto.
Amaphoyisa abezulazula, eqhuba umsebenzi wawo emgwaqeni uMsizi Dube ngesikhathi ebona ikhumbi ingenawo ama-number plate.
Amaphoyisa azamile ukumisa le khumbi kodwa abasolwa banyusa isivinini bebaleka ngayo baze bayoyishiya nokhiye belenga emotweni emgwaqeni uMthiyane Avenue.
OLUNYE UDABA: Amaphoyisa athungatha ababambe inkunzi eBridge City Mall KwaMashu
Ngesikhathi amaphoyisa esesha imoto athole izimpahla zokugqoka ezibiza imali engaphezu kuka-130 000 wamarandi.
Ngokwesitatimende samaphoyisa, uphenyo luveze ukuthi lezi zimpahla zebiwa ngesikhathi kugetshengwa ibhizinisi eliseMbilo ngoMarch 2025.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
