
UNdunankulu waKwaZulu-Natal, uThamsanqa Ntuli, ehambisana noNgqongqoshe woMnyango wezeziMali uFrancois Rodgers noNgqongqoshe wezokuThuthukiswa koMnotho, ezokuVakasha neMvelo eKZN namuhla, wethule inkulumo enambithekayo ngesikhathi ebize isithangami nabezindaba namuhla.
UNdunankulu uthi abafaki bezimali ebhange laseThala bazokwazi ukuthola imali yabo ngaphambi kukaKhisimusi kulo nyaka.
OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: UNdunankulu ngempelasonto uhambele umngcwabo welungu le-CPS elibulewe eHammarsdale
Kuzokhishwa isaziso sokuthi abafaki bezimali be-Ithala Bank bazokwazi kanjani ukuthola izimali zabo.
Uthi izivumelwano ezivumela ukukhokha ziqedwe ngemuva kwezinyanga zokuxoxisana nohulumeni kazwelonke.
Ekhuluma namuhla, uNtuli uthe amathimba okusekela azothunyelwa ezindaweni zasemakhaya lapho iningi labafaki bezimali abangaphezu kuka-200,000 lihlala khona.
