Senyukile futhi isibalo sabangasebenzi eNingizimu Afrika

Iyabhebhetheka inkinga yokusweleka komsebenzi eNingizimu Afrika njengoba liqhubeka nokwenyuka izinga labantu abaduve emakhaya. Abantu abasha yibona abashayeka kakhulu kule nkinga.

Umbiko wakamuva oshicilelwe yiStats SA ngoLwesibili, wezibalo zabantu abangasebenzi ezweni, uveza ukuthi isibala sabantu abangasebenzi senyuke safinyelela ku-33,2% ekoteni yesibili onyakeni u-2025, sisuka ku-32,9% kwikota yokuqala yawo lo nyaka.

Ekoteni yesine ku-2024 izinga labantu abangasebenzi lalikade liku-31,9%. Kulo mbiko kubikwa ukuthi isibalo sabantu abaswele umsebenzi senyuke ngo-140 000 safinyelela ku-8,4 million.

OLUNYE UDABA: UNgqongqoshe wamaPhoyisa uzokhipha izibalo zobugebengu zekota

IStats SA ithi isibalo sabantu abasha (abaneminyaka ephakathi kuka-15 no-34) abaswele umsebenzi ekoteni yesibili ka-2025 senyuke ngo-39 000 safinyelela ku-4,8 million. Njengamanje isibalo sabantu abasha abangasebenzi eNingizimu Afrika kubikwa ukuthi sihleli ku-46,1% kule kota yesibili ka-2025.

Imikhakha okubikwa ukuthi kulahleke imisebenzi eminingi kuyona yilowo oqondene nezinsiza zomphakathi nezenhlalakahle (community and social services), lapho abantu abangu-42 000 bephelelwe wumsebenzi. Eminye imikhakha eshayeke kakhulu ngowezolimo lapho abantu abawu-24 000 bephelelwe wumsebenzi, kanjalo nasemkhakheni wezemali lapho kunabantu ababalelwa ku-24 000 abaphelelwe wumsebenzi.

Iyalandela neminye imikhakha njengowezokuthutha lapho abantu abangu-15 000 bephelelwe wumsebenzi, bese kulandela eminye.

Obhalile: Mthokozisi Dlomo, ILANGANewspaper

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)