
UNgqongqoshe wamaPhoyisa uSenzo Mchunu uzokhipha izibalo zobugebengu zekota yesine.
Izibalo zakamuva zizochaza kabanzi ngobugebengu obubikiwe futhi ziveze inqubekelaphambili eseyenziwe ekubhekaneni namacala abucayi nanodlame.
OLUNYE UDABA: UMchunu unxusa amaphoyisa ukuba angawushiyi umsebenzi nakuba kunezingqinamba
Engxenyeni yesithathu, ekhishwe ngoFebruary, ubugebengu behle kakhulu.
Amacala okubulala, ukudlwengula, nokuzama ukunukubeza ngokocansi ehlile kuzo zonke izifundazwe.
Izifundazwe, iGauteng neKwaZulu-Natal yizona zifundazwe eziqophe izibalo eziphezulu zokubulawa kwabantu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit
