UMchunu unxusa amaphoyisa ukuba angawushiyi umsebenzi nakuba kunezingqinamba

UNgqongqoshe wamaPhoyisa, uSenzo Mchunu, usenxuse amalungu ombutho wamaphoyisa aseNingizimu Afrika (SAPS) ukuthi angawushiyi umsebenzi wawo, phezu kwezingqinamba abhekana nazo emsebenzini.

UMchunu ukusho lokhu enkonzweni yomngcwabo kaConstable Boipelo Senoge ongomunye wamaphoyisa amathathu asanda kutholwa emfuleni iHennops eCenturion, ePitoli.

Amaphoyisa aseduke izinsuku ezingaphezu kwezinhlanu.

OLUNYE UDABA: Namuhla kufihlwa elinye lamaphoyisa atholakala emfuleni iHennops

USenong ubekwe endlini yakhe yokugcina eBloemfontein namuhla, kanti uConstable Cebekhulu Linda noKeamogetswe Buys bazongcwatshwa ngoLwesihlanu nangoMgqibelo ngokulandelana.

“Qhubekani nihlale embuthweni, yikho okulungile. Siyaziqonda izingqinamba nobunzima enibhekana nazo kodwa kuyinto elungile ukungashiyi,” kusho uMchunu.

Ubuvumile ubungozi obukhona ekubeni yiphoyisa kodwa wathi amaphoyisa i-SAPS ihlezi ilahlekelwa ngamalungu awo ngezizathu ezingokwemvelo, ukusula emsebenzini noma ngezinye izimo.

“Njengamanje siyazi ukuthi amalungu e-SAPS ahlezi ebhekene nezinsongo futhi njengomndeni we-SAPS sihlezi sibhekene nale nkinga yokulahlekelwa ngamaphoyisa, nanganoma isiphi isimo.

“Ngakho-ke akungabazeki ukuthi ngamunye wethu, ngokulahlekelwa ngamalungu amathathu ngesikhathi esisodwa, sikuzwela ngempela lokhu kulahlekelwa okungaka,” kusho uMchunu.

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *