
Icala elibhekene noVictor Mthethwa Majola, osolwa ngokubulala uWarrick Stock owaziwa kakhulu ngelikaDJ Warras lihlehlele unyaka ozayo.
UMajola uvele okokuqala eNkantolo yeMantshi yaseGoli namuhla.
OLUNYE UDABA: Uhulumeni waseGauteng uncome amaphoyisa ngokubopha abasolwa ngokubulala uDJ Warras
UMajola uzodlela uKhisimusi noNcibijane esitikisisni aze aphinde avele enkantolo ngomhlaka-6 January.
Lo msolwa uzofaka isicelo sebheyili ngonyaka ozayo.
UMajola ungomunye wamadoda amabili aboshwa eyamaniswa nokubulawa kukaDJ Warras.
Kubikwe ukuthi amacala abhekene nomsolwa wesibili ahoxisiwe okwesikhashana ngenxa yokuntula kobufakazi, kusalindelwe uphenyo olwengeziwe.
