
Icala elibhekene endoda eneminyaka ngu-32 ubudala eyaboshwa ngezinsolo zokudubula ibulale abantu eSaulsville ekuqaleni kwenyanga kaDecember lihlehlile eNkantolo yeMantshi yase-Atteridgeville lapho ibivele khona kafushane namuhla.
Lo msolwa ubhekene namacala angu-12 okubulala kanye nangu-13 okuzama ukubulala.
La macala avele kulandela isigameko sokudubula esenzeka ngomhlaka-6 December 2025.
OLUNYE UDABA: Akusekudala baboshwe abasolwa ngokudubula babulale abantu eSaulsville
Kubikwa ukuthi umsolwa kanye nabanye abantu ababili bangena ethaveni eSaulsville bavulela ngenhlamvu, kwashona abantu abangu-12.
Phakathi kwezisulu ezashona kuhlaslelwa kwakukhona ingane eneminyaka emithathu ubudala nomunye umuntu osemncane ngeminyaka.
Icala lihlehliselwe umhlaka-31 December ukuze kwenziwe uphenyo olwengeziwe lwebheyili. Umsolwa usagcinwe esitokisini njengoba ukufunwa kwabanye abasolwa abasasele kuqhubeka.
