Kushone 2 wamadoda adutshulwe elele enyakatho yeTheku

Kushone amadoda amabili kanti eyesithathi ilulamela esibhedlela ngemuva kokuba oshayasibhamu bevulele ngenhlamvu  ngesikhathi esalele ezintatha ngoLwesithathu.

UPrem Balram we-Reaction Unit SA uthe la madoda abelele emakamelweni ahlukene endaweni yaseHazelmere, enyakatho yeTheku.

UBalram uthole ucingo ngaphambi kwehora lesibili ekuseni kwathi amaphoyisa atshelwa ukuthi abasolwa bangene emakamelweni amathathu ahlukene bavulela ngenhlamvu kubantu ababelele ngaphakathi.

“Amadoda amabili ahlonzwe ngokuthi ashonile endaweni yesehlakalo, kanti owesithathu uphuthunyiswe esibhedlela eyothola ukwelashwa,” kusho uBalram.

“Akwaziwa ukuthi amanxeba akhe angakanani. Kukholakala ukuthi omunye wabashonile ubengumshayeli wetekisi. Isizathu sokuhlasela asikaqinisekiswa.”

Kutholakale amagobolondo ezinhlamvu e-9mm endaweni yesehlakalo.

– RUSA