Alokhu engenile amazwi enduduzo ngomlimi odutshulwe washona ePMB

Alokhu etheleke njalo amazwi enduduzo kulandela ukudutshulwa kubulawe uMbongeni Sikhakhane, ongumlimi nomholi wezolimo waKwaZulu-Natal esigamekweni sokuphanga kuhlonyiwe esenzeke emzini wakhe oseSweetwaters, edue naseMgungundlovu.

USikhakhane, obenguSihlalo we-African Farmers’ Association of South Africa (AFASA) KwaZulu-Natal, obesebenza ngokuzikhandla njengomgqugquzeli wabalimi abasafufusa kanye nentuthuko yasemakhaya.

Kubikwa ukuthi uhlaselwe ekhaya lakhe ngoLwesihlanu ebusuku, kwamenela esibhedlela ngenxa yokulimala.

OLUNYE UDABA: Kuthikameza umnotho ukubheduka kwesifo samatele eKZN

Abaholi bezombusazwe, izinhlangano zezolimo kanye namalungu omphakathi bachaze ukudlula emhlabeni kwakhe njengokulahlekelwa okukhulu emkhakheni wezolimo.

Utuswe ngokuzibophezela kwakhe ekunikeni amandla abalimi abancane, ukukhuthaza ukukhula okubandakanya wonke umuntu, kanye nokuqeqesha intsha kwezolimo.

I-AFASA kanye nabanye abathintekayo bakugxekile ukubulawa, bakubiza ngokuthi isenzo sobudlova esingenangqondo bahinde banxusa abomthetho ukuthi baqinisekise ukuthi labo abanecala babhekana nengalo yomthetho.

Ukudlula emhlabeni kukaSikhakhane kuphinde kwavusa ukukhathazeka mayelana nezokuphepha emiphakathini yasemakhaya.

USikhakhane uzokhunjulwa njengomholi obezinikele onegalelo lakhe kwezolimo nasekuthuthukisweni komphakathi waKwaZulu-Natal.