
Amathimba ezomthetho abesendaweni yesigameko lapho izigebengu bezizma khona ukubamba inkunzi imoto yemali eMlazi, eningizimu yeTheku ngoLwesithathu.
Imibiko ithi isibalo sabasolwa esingazziwa sivulele ngenganono sibhekise emotweni yemali ngesikhathi isahamba emgaqweni onguthelawayeka u-N2.
Kukholakala ukuthi onogada babe sebethatha isinqumo sokungena enxanxatheleni yezitolo eseduze ukuze baphephe.
OLUNYE UDABA: IVIDEO: Kuthungathwa ababambe imoto yemali KwaMashu Highway
Okhulumela abosizo lokuqala i-ALS, uGarrith Jamieson, uthe kulimale abantu ababili.
“Abezimo eziphuthumayo bathole abantu abathathu abebehamba ngemoto yemali. Kulimale abantu kubona ngenxa yesigameko sokudubula nokushayisa imoto ngaphandle kwale nxanxathela yezitolo.
“Abezimo eziphuthumayo basakhona njengamanje endaweni yesigameko bmatasa baxilonga abalimele ngaphambi kokubadlulisela esibhedlela esiseduze beyothola okunye ukwelashwa.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
