Isibhedlela saseChatsworth siqinisekisa inkinga kagesi kulandela isigameko sentuthu

Isibhedlela iLife Chatsmed Garden sithi imisebenzi iyaqhubeka njengokujwayelekile ngemuva kokuba igumbi labagulayo likhungathwe yintuthu ngoLwesihlanu ekuseni.

Abaphathi balesi sibhedlela bathi imisebenzi iyaqhubeka njengokujwayelekile ngemuva kwesigameko esenzeka kulesi sikhungo.

Izimo eziphuthumayo zenziwe ngokukhulu ukushesha ngokuhambisana nenqubo yezokuphepha.

Isibhedlela esiseChatsworth, eningizimu yeTheku siqinisekise ukuthi intuthu idalwe yinkinga kagesi egumbini labagulayo ngoLwesihlanu ekuseni.

OLUNYE UDABA:Isibhedlela sasemakhaya sinikelelwe ngemibhede yezingane

Esitatimendeni, umphathi wesibhedlela, uTanweer Ansari, uthe lesi sigameko sithinte ifeni lokukhipha intuthu kwelinye lamagumbi okugeza hhayi elezingane njengoba bekubikiwe ngaphambili.

“Ukunakekelwa kwesiguli akuzange kubesengcupheni kanti futhi akukho ukulimala okubikiwe,” kusho u-Ansari.

“Njengesinyathelo sokuphepha, iziguli ewodini elithintekile zithuthelwe okwesikhashana ewodini elingathintekanga.”

RisingSun