
Inkampani ehlinzeka ngogesi kuleli i-Eskom isimemezele ukuthi izoqalisa isigaba sesibili sokucishwa kukagesi kusukela namuhla(ngoLwesibili) ngo-16:00 kuze kushaye uLwesine ngo-22:00 ebusuku ngoLwesine.
Lokhu i-Eskom ithi kuzokwenzeka ngenhloso yokuqinisekisa ukuthi ugesi ukhona emini ngesikhathi sokusebenza.
OLUNYE UDABA: Umbiko: Eskom usuqalise isigaba-2 sokucishwa kukagesi
Lesi sinqumo silandela ukulibaziseka kokubuyiselwa kwamayunithi okukhiqiza afinyelela ku-3 120MW, kanye nokulahlekelwa okwengeziwe kuka-1 385MW emahoreni angama-24 adlule ngenxa yokuphuka okungalindelekile.
U-Eskom uyaxolisa ngokuphazamiseka okudalwe yilokhu.
Enkundleni yezokuxhumana i-X:
#POWERALERT1
— Eskom Hld SOC Ltd (@Eskom_SA) May 13, 2025
Eskom will implement #Stage2 loadshedding during evening peak periods from today at 16:00 until 22:00 on Thursday to ensure supply during working days pic.twitter.com/voim40qFLL
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
